OFFRE LISEUSES

Une liseuse achetée = une housse offerte* jusqu'au 21 juin

Mbongeni Phatumuzi Njeke

Dernière sortie

Inkambo Yomzalwane

Kulencwadi "INKAMBO YOMZALWANE" umbhali wayo okungu- M. P. Njeke, ubhala ngokumele kwenzeke kumuntu osuke esezelwe kabusha futhi wamukela uKristu njenge Nkosi noMsindisi empilweni yakhe. Inhloso ngqangi yombhali; ukufundisa ngendlela umzalwane okumele aziphathe ngayo, nezinto okumele azenze nokungafanele azenze empilweni yakhe yobuzalwane, kwesinye isikhathi okungakhulunywa ngazo emabandleni. Okunye, ukufundisa ngokuthi, yona ngempela insindiso iyini ngokwezifundiso zika Kristu beno Phawula.
Kulencwadi U-M. P. Njeke ufundisa kabanzi ngomehluko abaningi abangawazi noma abangawuboni phakathi kwekholwa, umzalwane kanye nomhedeni. Uphinde futhi afundise kabanzi ngokuyokwenzeka ngesikhathi ibandla selihlwithwa (Rapture), ngezinhlupheko ezinkulu (Tribulation), ukubuya kweNkosi Jesu kwesibili (Second Coming), iminyaka eyinkulungwane (Millennial years) okuyolandelwa ukubhubha komhlaba. Lena yincwadi eqoqela ndawonye konke okudingakho ukuhlomisa wena nami endleleni yethu yasensindisweni ebheke ezulwini.
Ngiyethula kuwena ngentokozo nokwazi ukuthi kuningi obungakwazi ozokuzuza kuyona. Lencwadi yinhle kakhulu ekufundiseni ezifundweni ze Bhayibheli (Bible Studies), nokufundisa kakhulukazi ebandleni, kakhulukazi labo abasuke sebemukele insindiso. Ngakho-ke yithokozele ngoba ibhalwe ngolimu lwakho ukuze wazi ukuthi nawe njengomZulu, ubalulekile embusweni kaKristu.
Offrir maintenant
Ou planifier dans votre panier

Les livres de Mbongeni Phatumuzi Njeke

Nouveauté
Inkambo Yomzalwane
Mbongeni Phatumuzi Njeke
E-book
6,99 €