SOLDES

Jusqu'à -70% sur une sélection d'articles*

Monicah Thandiwe Ndlela

Dernière sortie

Ngiyoyixoxela Amagwababa Echobana

ISETHULO Uhambo lolu olumayelana nempilo yentombazanyana eyayicabanga ukuthi uhambo lwempilo yayo lwabe selufike ekugcineni emaphethelweni akwangqingetshe. Lokhu kwenzeka emva kokuba le nkosazane ingakwazanga ukuphothula izifundo zayo eyayizenza enyuvesi. Kwenzeka isimanga sokuthi inyuvesi isheshe ivalwe ungakapheli unyaka, kanti futhi zazingakabhalwa nezivivinyo zokugcina zokuphela konyaka. Le nkosazane yabe seyenza unyaka wayo wokugcina nongowesithathu enyuvesi ngesikhathi kwehla leli shobolo lesehlo esayigqema udume lwengozi olungeqiwa ntwala.
Noma isimo saba kanjalo yona yazitshela ukuthi akukho okwasekufike ekugcineni futhi sekuphelile ngempiloyayo, ngaphandle kokuthi kuze kube kusho umdali wayo yena owazi konke osekufeziwe ngempilo yayo. Yahlala phansi yaguqa ngamadolo yacaba amathambo ekhanda nawengqondo yazihlela kabusha ukuthi yayizokwenza njani njengoba yabe isiwile yabhabhalala phansi yalala yathi cu ngesisu, nokuthi yayizovuka lapho izithuntuthe ithathe ini iyihlanganise nani ukuze uhambo lwempilo yayo olwaluphokophelele empumelelweni luqhubekele phambili kube sengathi akuzange kwenzeke lutho.
Nempela kwaya ngamagama enkehli ngoba yavuka othulini seyembethe amandla nogqozi lofuqufuqu olwayithatha lwahamba lwemuka nayo lwaze lwayoyiphumelelisa ekushayeni intambo eyayikhomba ukuthi nakanjani konkekwase kufeziwe ngohambo lwempilo yayo. Sikhuluma nawe nje ayilufaki olubabayo ngomlomo wayo empilweni eyiphilayo. Namuhla ikhomba ngophakathi iphinde izenelise ngakho konke okudingwa yinhliziyo yayo.
Yaphunyula emlonyeni wengwenya phela le nkosazane, dadewethu kababa, sezila izithunywa zikalusifa zizoyixhakathisa zikhale zemuke nayo zilibangise kwalasha, inkosi impela. Singaba khona esinye isifundo abangasicosha basifunde nabanye, esingaba mayelana nezabo izimpilo namagingxigingxi abahlangabezane nawo nangase abaholele ekutheni bangabe besakwazi ukufeza izinjongo nezifiso ezinhle ezimayelana nezimpilo zabo.
Bangakwazi futhi ukukhetha lokho okuhambisana nezehlakalo zezivuvaba ezimayelana nezimpilo zabo, bese behlela ngezindlela ezinhle nezingabavumela ukuthi bakwazi ukuthola ikhambi lokuxazulula izingqinamba ababhekene nazo ohambeni lwezimpilo zekusasa labo.
Offrir maintenant
Ou planifier dans votre panier

Les livres de Monicah Thandiwe Ndlela